Isiteleka esingekho emthethweni saseZululand Anthracite Colliery sesingene esontweni lesithathu

12 kuNhlaba 2022, eGoli

 

Press Release

Isiteleka esingekho emthethweni saseZululand Anthracite Colliery sesingene esontweni lesithathu

Sikhishwe yiMenenja Jikelele yase-ZAC u-Wayne Rowe

 

  • Inkantolo yezabaSebenzi ikhiphe incwadi evimbela isiteleka esingekho emthethweni

  • Ukuqondisa izigwegwe sekuqalile

  • Isiteleka siphazamisa ukuhlinzeka ngamanzi emiphakathini

  • Abaphathi bahlela izingxoxo nabanye abalingani

Isiteleka esingekho emthethweni sabasebenzi baseZululand Anthracite Colliery (e-ZAC), esaqala mhla ka-20 kuMbasa wango-2022, siyaqhubeka njengoba sekungumhlaka 12 kuNhlaba wango-2022. Kuke kwabanesikhathi lapho abasebenzi abatelekile beqhinqe emigodini izinsuku eziyisishiyagalolunye, obekungukuphula imigomo yezempilo nezophepha emayini ingcaca.

Ngemva komyalelo weNkantolo yezabaSebenzi owatholakala mhla ka-26 kuMbasa, owawugunyaza abaphathi nenkampani yonogada ukuthi bakhiphe abasebenzi abatelekile emgodini, abaphathi be-ZAC baphumelela ukushintsha umqondo wabasebenzi ukuthi baphume ngaphandle komgodi. Bonke abasebenzi baphumela ngaphandle bephephile mhla ka-29 kuMbasa.

Sithanda ukucacisa nokugcizelela ukuthi umoya awukaze uvalwe nakanye emigodini ebidliwe ngabasebenzi. I-ZAC ikholelwa emgomweni wemboni yezimayini othi “Zero Harm”, okusho “Akulimali Noyedwa” futhi izimisele ukuqinisekisa ukuhambisana nemigomo yezempilo neyezokuphepha ngaso sonke isikhathi.  

INkantolo yezaBasebenzi ibuye yayalela abasebenzi abatelekile ukuthi bayeke isiteleka esingekho emthethweni. Nokho, abasebenzi banqabile ukuyeka isiteleka esesibhebhetheke imayini yonke senza ukuthi kungasebenzeki. Abasebenzi abatelekile bathe bazoqhubeka nesiteleka sabo esingekho emthethweni kuze kuzwakale izikhalo zabo. Phakathi kwezinye zinto abazifunayo zilingana nokunyuselwa umholo ngo-50% kanti kokunye ngaphezu kwalokhu.

 

Okusha: Isiteleka sigcine sinodlame

Kusukela mhla ka-3 kuNhlaba wango-2022 abasebenzi baqhubekile ukucekela phansi ingqalasizinda emayini naseduze nayo. Kunqanyulwe izintambo zikagesi eziningi. Ingqalasizinda yamanzi ephinde iphakele imiphakathi engomakhelwane bemayini nayo icekelwe phansi. Lezi yizenzo zobugebengu kanti ziyabonakala nasemgodini eNgwabe lapho kusetshenziswe ibhomu kaphethroli khona ukushisa isakhiwo samahhovisi ebusuku bangeSonto mhla ka-8 kuNhlaba wango-2022. Kunemizamo ecacile yokukhinyabeza umsebenzi wasemayini nokuqeda imisebenzi.

Ngenxa yodlame, ukusabisa okuqhubekayo ngasemayini, i-ZAC iphindele eNkantolo yezabaSebenzi eThekwini ukuyocela incwadi evimba isiteleka yesibili ngoLwesihlanu, mhla ka-6 kuNhlaba wango-2022 ebibhekiswe kubo bonke abasebenzi abatelekile nabazwelana nabo. Inkantolo iwukhiphile lo myalelo. Abaphathi base-ZAC baneqholo lokuthi amaphoyisa azoqinisekisa ukuthi bonke abathinteka ezenzweni zobugebengu bazobonakala bese beboshwa. 

 

Okwenziwe yi-ZAC

  • I-ZAC ihlose ukuqondisa izigwegwe abasebenzi abangu-77 abadelele umyalelo wenkantolo wokuqala, owawubayalela ukuthi baphume emigodoni baphindele emsebenzini.

  • Mhla ka-4 kuMbasa,  abaphathi  base-ZAC, nosihlalo ozimele wangaphandle, baqale izigcwawu zokuqondisa izigwegwe bonke abasebenzi abasesitelekeni esingekho emthethweni. Kuze kube manje sekuphothulwe ukuqondisa izigwegwe okuli-175, okube nale miphumela elandelayo:

  • 94 Abaxoshiwe

  • 57 Okulindelwe imiphumela yamacala

  • 24 Abangenacala

Ukuqondisa izigwegwe kuphothulwe mhla ka-29 kuNhlaba. Izikhala zomsebenzi ezingase zivele ngokuxoshwa zizokhangiswa, bese kulandela uhlelo lokuqasha ukuze imayini ibuyele emsebenzini ngokushesha.

Ngenkathi silindele imiphumela yokuqondisa izigwegwe, imayini izoqhubeka nokuzama ukunciphisa umonakalo kumakhasimende kanti sizoxoxisana nawo ngalinye ngalinye ikhasimende ukudingida izinhlelo zesikhashana.

Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo kuzobizwa umhlangano waba bonke abathintekayo ozoba nabaholi bemiKhandlu yobuKhosi, osonkontileka, abaholi babasebenzi, amaphoyisa nabaphathi be-ZAC ukuze abaphathi be-ZAC bezokwethula umbiko obanzi bese behlahla indlela ukugwema ukuphazamiseka nokucekela phansi izimpahla nengqalasizinda kwemayini.

Ukuhlinzeka izindawo ezingomakhelwane ngamanzi kusenzima ngenxa yokuvama ukucekela phansi nengozi ekhona ekulungiseni ukuhlinzeka amanzi. I-ZAC izama ukulungisa ingqalasizinda bese kulunga indaba yokutholakala kwamanzi emiphakathini esiyakhele ngokushesha uma sekuphephile ukwenza njalo.

http://www.zac.co.za/

Ngeminye imininingwane, thinta:

UmNyango wezokuXhumana wase-Menar

USiphiwe Tame

Ucingo: +27 11 783 7996

I-email: pr@menar.com