Izinhlaka ezithintana neZAC zidingida izixazululo zezinselelo zemayini

 

06 Disemba 2024, Johannesburg

Isitatimende

Izinhlaka ezithintana neZAC zidingida izixazululo zezinselelo zemayini

Abaphathi beZululand Anthracite Colliery (ZAC) babambe umhlangano nezinhlaka ezithintekayo mhlaka 4 kuDisemba 2024 obe yimpumelelo bekanye nobuholi obuqhamuka eMikhandlwini emine emele imiphakathi eyakhelene neMayini kanye nabamele osomabhizinisi bendawo. Ubuholi bezinhlanga zomphakathi obumele umkhandlu waseMatheni,kwaZungu, kwaMandlakazi kanye noMlaba bebukhona.

Lo mhlangano, obubanjelwe e-Empangeni, kudingidwe ngezinselelo ezahlukene iZAC ebhekene nazo eminyakeni edlule, okubalwa kuzo udlame, ukwehla komkhiqizo, kanye nesiteleka sesheke leshumi nantathu – sekuyinyanga yesine kwaqala. Isiteleka siholele ekutheni umkhiqizo ume nse,saba nomthelela wokwehla kwamazinga omkhiqizo eZAC, okwaholela ekutheni izincwadi zokudiliza ngokwesigaba 189 kubasebenzi. Ikhomishini yezabasebenzi phecelezi CCMA iyona ehola izingxoxo ngokwesigaba 189 phakathi kwabaphathi be ZAC nabamele abasebenzi.

Abaphathi benkampani bachazele izinhlaka ezikhona ezithamele umhlangano ngobungozi bokulahleka kwemiphefumulo kanye nasempahleni okubangelwa abantu abanodlame. Izehlakalo eziphazamisayo zihlanganisa ukudutshulwa kwamabhasi athwele abasebenzi bemayini, ukulinyazwa kwempahla yomphakathi okubandakanya ukunqunywa kwezintambo zikagesi kanye nokulinywazwa kwempahla yemayini. Lezi zehlakalo zingezinye kwezingamashumi amahlanu nambili ezibikwe emaphoyiseni aseNingizimu Afrika eminyakeni embalwa edlule – zonke lezizimo zihambisana nezenzo zesiteleka sabasebenzi. Abamele amaphoyisa asesifundeni saseZululand bebeyingxenye yalomhlangano wezinhlaka ezithintekayo.

Abaphathi benkampani baphinde babika ngokwehla komkhiqizo eMayini okuyinto ebeka encupheni ukusimama ngokwezimali. Ngaphandle kokuqhubeka kokutshalwa kwezimali ezedlula ku-R1.3 billion eminyakeni embalwa edlule ukuthuthukisa imishini kanye nokumba umgodi omusha, umkhiqizo weMayini uqhubekile nokwehla. Esiqongweni sayo ngo-2017 le mayini yakhiqiza ingqikithi yamathani angu-724 764, eyayilingana namathani angu-77 ngokomsebenzi waselahleni ngamunye. Kuze kube kulo nyaka, ikhiqize amathani angu-209 682 alinganiselwa kumathani angu-27 ngokomsebenzi waselahleni ngamunye.

Izinhlaka ezithintekayo zizwakalise ukukhungatheka ngokwehla kwamazinga omkhiqizo kanjalo nangombiko othinta izigameko zodlame. Bazibophezele ekusebenzisaneni ndawonye ukuze kutholakale izixazululo zezinselelo eziningi. Bavumelene ngokuthi iMayini ibaluleke kakhulu ukuthi ingephumelele.

Akugcini nje ngokuthi ihlinzeka ngemisebenzi – kanye nemihlomulo– endaweni ehlaselwe kanzima ukuswelakala kwamathuba emisebenzi okuphezulu kanye nobumpofu, kodwa iphinde inikeze amanzi emiphakathini eyakhele iMayini, iphinde ithuthukise imiphakathi ngezinhlelo ezahlukene ngokwe Social and Labour Plan. Ngaphezu kwalokho amabhizinisi amaningi endawo athinteka kabi ngokumiswa kwe mayini.

www.zac.co.za

Media contact:

Menar Corporate Communication Department

Siphiwe Tame

Tel: +27 11 783 7996

Email: pr@menar.com